💔 “WANGISHIYA NENGANE, MANJE USEFUNA UKUBUYA” – Owesilisa uyazikhulumela 💔
Ngikhuluma nje ingane yami isikhulile, kodwa akuzange kube lula. Ngikhumbula kahle usuku lapho umama wengane yami eshiya khona ingane isanda kuzalwa emnyango wendlu yami…, wangishiya nomthwalo engangingakulungele ukuwuthwala ngedwa ngingumuntu.
Ngaleso sikhathi bengingasebenzi. Ngangingazi ukuthi ngizoqala kuphi. Kodwa ngenxa yokuzimisela nangosizo lukaNkulunkulu, ngaphakama. Ngaya phambili ngafuna amatoho, ngasebenza noma yini engiyitholayo ukuze ngikhulise ingane yami.
Ngikhulise le ngane ngedwa. Ngiyazidla ngayo namuhla ngoba isikhulile, iyaphila, futhi ngiyazi ukuthi ngenze konke engingakwenza njengobaba.
Manje okungimangaza kakhulu ukuthi umama wengane usefuna ukubuya. Uthi ufuna ukungena empilweni yethu futhi. Okubuhlungu ukuthi useyangisabisa, ethi uzongivulela icala uma ngingafuni sithandane naye futhi.
Uthi uyena onelungelo enganeni ngoba ungumama wayo. Mina ngiyazibuza… ebekuphi sonke lesi sikhathi? Kungani engazange abe khona ngesikhathi ingane imdinga kakhulu?
Angimphiki ukuthi ungumama wengane, kodwa angikwazi ukuvuma ukuthi angiphoqe ubudlelwano ngenxa yalokho. Mina ngifuna okuhle enganeni yami kuqala.
Manje sengidinga iseluleko… ngenzeni kulesi simo?
Wena uthini? Ngimvumele abuye noma ngivikele ingane yami kulokhu?


Post a Comment