UMFUNDI UXOSHWE ESIKOLENI NGOKUGQOKA ILEGGINI EKALA ISITHO SANGASESE
Kuvele udaba oludale impikiswano lapho umfundi exoshwe khona othisha esikoleni ngoba efike egqoke ileggini kuphela engenaso isketi sesikole.
Ngokwemibiko, othisha babuze umfundi ukuthi kungani engagqokile isketi sesikole, lapho ephendula wathi isketi sakhe sishile ngesikhathi esi-ayina ekuseni. Naphezu kwalokho, kuthiwa othisha banqume ukumxosha esikoleni.
Umzali wengane uveze ukukhathazeka nokudumala ngesinqumo sothisha, ethi ingane yakhe isichazile kahle isimo sayo futhi ibingenzi ngamabomu.
Le ndaba ishiye abantu behlukene imibono ezinkundleni zokuxhumana:
Abanye bathi imithetho yesikole kufanele ilandelwe
Abanye bathi othisha bekufanele babonise uzwelo bamnike ithuba umfundi njengoba esechazile isimo sakhe.
Wena uthini? Ingabe othisha benze kahle noma bekufanele basize umfundi?


Post a Comment