Kudutjulwe Kwabulawa owesilisa owaziwa ngoJoseph “Big Joe” esitolo sakhe eMkhuhlu namuhla.
Ngokwemibiko yokuqala, amadoda angaziwa angene esitolo avulela ngenhlamvu kuye ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko. Abeziphuthumayo bafike bamthola eseshonile.
Lesi sigameko sishiye umphakathi wethukile njengoba kubikwa ukuthi uNyalunga usanda kusinda kwesinye isigameko okusolwa ukuthi kwakuyimizamo yokumbulala ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Amaphoyisa athi kusacutshungulwa ukuthi ngabe lezi zigameko zombili ziyaxhumana yini.
UNyalunga uke waxhunyaniswa nezinsolo zokuhlanganyela emanethiwekhini okuzingela obhejane ngokungemthetho eMpumalanga, yize amaphoyisa engakakuqinisekisi ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nalokho yini. Ochwepheshe bezobunhloli baqhubeka nokuqoqwa kobufakazi endaweni yesigameko.
Amaphoyisa asevule icala lokubulala futhi anxuse noma ngubani onolwazi ngalokhu kudutshulwa ukuba aphuthume azobika ukuze kusizwe uphenyo.

Post a Comment