ISICELO SOSIZO EMPHOPOHOMENI – KUCELWA UKUNGENELELA KOBUHOLI 🙏
Sanibona bahlali,
Sicela kubaholi bendawo kanye neziphathimandla ukuthi bangenelele ngokushesha esimweni esingesihle esikhona eMjodolo, eTsheni ngenhla kwaShifu, eMpophomeni.
Isimo kule ndawo sesiphenduke inkinga enkulu emphakathini, kanti izakhamuzi zikhathazekile ngokuphepha nempilo yabantu abahlala khona.
Siyacela ukuthi lolu daba lubhekwe ngokushesha, kuthathwe izinyathelo ezifanele ukuze kulungiswe lesi simo.
Siphinde sicele umphakathi ukuthi ubambisane, uphakamise izwi ukuze lolu daba luthole ukunakwa okukhulu.
Siyacela, baholi, ngenelelani 🙏






Post a Comment